top of page

Ukuhlonipha Abasebenzi Abanganakekile

  • Writer: Yolanda Makhubele
    Yolanda Makhubele
  • May 27, 2025
  • 2 min read


 Njengoba izwe ligubha uSuku Lwabasebenzi mhla lu-1 kuNhlaba, kujwayeleke ukunakwa imikhakha yabasebenzi abaqashwe ngokusemthethweni kanye nezinhlangano zabasebenzi ezihlelekile. Kodwa kubaluleke ngokufanayo futhi ukwazisa abasebenzi abanganakekile abenza imisebenzi yansuku zonke amagalelo abo asekela imisebenzi yesizwe yezenhlalo nezomnotho. Laba basebenzi kungenzeka bangabi sematheni, kodwa ngaphandle kwabo, iNingizimu Afrika ngeke isebenze. 


Kusukela ezintatha lize liyoshona, izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zenza imisebenzi ebalulekile kodwa futhi enganakekile. Le misebenzi ibandakanya abahlanzayo, abasebenzi basezindlini, omashali basemarenki amatekisi, abahwebi abangekho emthethweni, abathela uphethiloli, abadayisi basemgwaqweni, onogada nabaqoqa udoti/imfucuza. Bangabantu abavula amabhizinisi lingakaphumi ilanga, bahlanze amahhovisi ngaphambi kokufika kwabasebenzi, baphekele abagibeli emarenki amatekisi, bagcine nezindawo zokusebenza zomphakathi zisebenza. 


Ngokocwaningo lwakamuva lwe-Statistics South Africa, ukuqashwa emikhakheni engekho emthethweni kanye nengokusemthethweni kusaqhubeka nokuba yingxenye enkulu yabasebenzi bezwe. Ngekota yesine yowezi-2023, cishe abantu abayizigidi ezi-5.6 babeqashwe emkhakheni engekho emthethweni. Eminingi yale misebenzi yimisebenzi enzima, engalawulwa futhi enganakho ukuvikeleka okusemthethweni, kodwa isalokhu ibalulekile emisebenzini yezomnotho nempilo yomphakathi. 


Abasebenzi abasebenza ezindlini, isibonelo, bakha ingxenye enkulu yemisebenzi engekho emthethweni. Ngokwe-Stats SA, bangaphezu kwezi-800 000 abantu baseNingizimu Afrika abaqashiwe njengabasebenzi basezindlini, iningi labo okungabesifazane. Imisebenzi yabo iyedlulela kokungale kokuhlanza amakhaya, banakekele izingane, basekele abantu abadala emindenini, futhi baqinisekise ukuhamba kahle kwemizi ezweni lonke. Kodwa abaningi babo basahola ngaphansi kwenani eliphansi lomholo likazwelonke futhi bantula ukufinyelela ekuvikelweni komphakathi. 


Elinye iqembu elibalulekile ngabathutha/ abaqoqa imfucuza. Nakuba ngokuvamile besemkhakheni ongekho emthethweni, laba bantu banomthelelela omkhulu ekusimamiseni imvelo. Kwezinye izindawo zasemadolobheni, abaqoqa imfucuza banomsebenzi wokuguqula/ukushintsha amaphesenti angafinyelela kwangama—80 kuya kwangama–90 wezinto ezigaywa kabusha ukuze ziphinde zisetshenziswe ezindaweni zokulahla imfucuza. Umsebenzi wabo awugcini nje ngokunciphisa umthwalo komasipala abahlinzeka ngezinsiza zokuqoqa imfucuza kodwa futhi wakha ingxenye yomnotho okhulayo ukuze kwakhiwe ingqalasizinda ekhuthaza ukusimama komphakathi kanye nemvelo. 


Ngokufanayo, imboni yamatekisi, ethutha abagibeli abangaphezu kwezigidi eziyi-15 nsuku zonke, isebenza ngoxhaxha lwemisebenzi olwedlulela ngale kwabashayeli. Omashali/ abaphathi bamarenki bahlela ukuhamba kwabagibeli namatekisi, ngenkathi abathengisi abangekho emthethweni behlinzeka ngokudla okukhonekayo kanye nezinsizakalo ezibalulekile kubagibeli. Ngale kokubaluleka kwayo, abasebenzi abaningi kulo mkhakha basebenza ngaphandle kwezinkontileka ezisemthethweni, izinzuzo zokunakekelwa kwezempilo, noma ukuvikeleka komsebenzi. 


Igalelo lalaba basebenzi ngokuvamile alinakwa, kodwa libe lizwakala kuwo wonke amagumbi empilo yaseNingizimu Afrika—kusukela ekudleni okudayiswa emaceleni ematafuleni emarenki kuya eminyangweni ephephile engenela ezinxanxatheleni zezitolo nemitholampilo, kuze kuyofinyelela ekuphathweni kahle kwamakhaya azimele kanye nemizila yezithuthi zomphakathi. 


USuku Lwabasebenzi lunikeza ithuba hhayi nje kuphela lokwazisa ukuqashwa okusemthethweni okunezinyonyana ezimele abasebenzi kodwa ludlulisela ukubonga kulabo abenza impilo yansuku zonke iqhubeke. Ngesikhathi imizamo kahulumeni efana nenani eliphansi lamaholo likazwelonke kanye nezibonelelo zakamuva zosizo lwezenhlalakahle kuyisinyathelo esibheke phambili, amaqiniso abhekene nabasebenzi kule misebenzi esalokhu eyinselele. 


Izingxoxo eziqhubekayo mayelana nokuqashwa, amalungelo abasebenzi, kanye nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu kufanele kubandakanye nalabo abasebenza ngaphandle kwezinhlaka ezisemthethweni. Ukwazisa ukubaluleka kwabo akusona nje isenzo senhlonipho, kuyisinyathelo esidingekayo sokudala umnotho ongenzeleli, nomnotho obandakanya wonke umuntu. 


Ukuhlonipha abasebenzi abanganakekile kusho ukwazisa iqhaza labo ekuqiniseni iNingizimu Afrika. Lezi yizandla ezishanelayo, eziphakamisayo, ezigoqozayo, ezilayishayo, ezisulayo, ezihlungayo, eziphakelayo nezisekelayo. Lezo ezithwala isisindo semindeni nemiphakathi, isikhathi esiningi ngaphandle kokwaziswa. 


Ngalolu Suku Lwabasebenzi, abantu baseNingizimu Afrika bayakhunjuzwa ukuthi isithunzi emsebenzini asincikile ekubonakaleni. Sincike enanini elilethwa umsebenzi, emphakathini, emnothweni, nasempilweni yansuku zonke. 

Masikhethe ukubona labo abavame ukungabonakali, futhi sazise umsebenzi obalulekile abawenzayo.

 
 
 

Comments


bottom of page