Ukubungaza iPhasika: Ukwamukela Amasiko Nobumbano eNingizimu Afrika
- Yolanda Makhubele
- Apr 7, 2025
- 2 min read

Iphasika liyisisekelo ekhalendeni lezeNkolo yamaKristu, liyisikhumbuzo sokuvuka kukaJesu Kristu. Ngaphandle kokubaluleka kwalo kwezenkolo, iPhasika selizihlanganise nosikompilo lwaseNingizimu Afrika, likhuthaza umoya wobumbano nokuvuseleleka kokusha emiphakathi yayo eyahlukene.
Izimpande Zomlando zePhasika
Imvelaphi yePhasika igxile kakhulu emfundisweni yenkolo yobuKristu, ebeka esiqongweni iSonto Elingcwele, elibonisa
izenzakalo eziholela futhi ezihlanganisa nokubethelwa kukaJesu esiphambanweni. Ngokwenkolelo yobuKristu, uJesu wabethelwa esiphambanweni ngoLesihlanu lwePhasika futhi wavuka kwabafileyo ngosuku lwesithathu, olugujwa njengeSonto lePhasika. Lesi senzakalo siwuphawu lokunqoba isono nokufa, sinikeza ithemba nokuhlengwa kwabakholwayo. Igama/itemu elithi “Easter” kukholakala ukuthi lisuselwa kokuthi “Eastre,” isithixokazi sama-Anglo-Saxon sentwasahlobo kanye nenzalo, ligqamisa ukuhlotshaniswa komkhosi nezindikimba zokuzalwa kabusha nokuvuselela.
Amasiko ePhasika eNingizimu Afrika
Eningizimu Afrika, iPhasika ligujwa ngenhlanganisela yemikhuba yezenkolo namasiko, akhombisa ukunotha kokuhlukahluka kwesizwe. Amasonto ezweni lonke abamba izinkonzo ezikhethekile, okubandakanya imilindelo/iziguqo kanye nezinkonzo zokusa, lapho amabandla ehlangana khona ukuze azindle futhi agubhe/abungaze ndawonye.
Umculo nokucula kuneqhaza elikhulu kulezi zinkonzo, njengoba amakhwaya ecula izingoma ezihambisana nezindikimba zokuvuka kukaJesu kanye nethemba.
Ngale kwezindonga zesonto, abantu baseNingizimu Afrika bahlanganyela emasikweni ahlukahlukene asefana nePhasika. Ukwabelana ngamabhanisi ephasika amnandi anongiwe anesiphambano phezulu phecelezi ama-hot cross buns, sekuyisiko elisabalele yonke indawo. Ukwengeza, ukunikezana ngoswidi wePhasika oyiqanda phecelezi ama-Easter egg kuwuphawu lempilo entsha, kuyathandwa emindenini, ikakhulukazi kuthandwa yizingane. Le mikhuba, nakuba igxile emifanekisweni yasendulo yokuzalwa kabusha nokuvuselela, iye yamukelwa eNingizimu Afrika.
Ukubaluleka Kwamasiko Nemibuthano Yomphakathi
IPhasika eNingizimu Afrika lidlula ukugujwa kwezenkolo, lisebenza njengesikhathi sokuhlangana kwemindeni kanye nokuxoxisana nomphakathi. Impelasonto ende inika abantu ithuba lokugoduka, iqinise ukuxhumana kwemindeni futhi ikhuthaze umuzwa wokuba wokwamukeleka. Imiphakathi ivamise ukuhlela imicimbi efana nokudla komphakathi,
amafestivali, nemisebenzi yokupha, eqinisa ukubaluleka kozwelo nokuba munye.
Ezifundeni ezithile, kuvele amasiko
ayingqayizivele. Ukwenza isibonelo, eKapa, umphakathi wase-Cape Malay unomkhuba omdala wokukhempa ngasogwini logu lwase-False Bay ngempelasonto yePhasika. Lo mkhuba, owaziwa ngokuthi Ukukhempa kwePhasika “i-Easter camping,” uhlanganisa ukuthi imindeni yakhe amatende futhi ijabulele ukuba ngasolwandle, okubonisa inhlanganisela
yamagugu amasiko kanye nomgubho wamanje.
Ukufaneleka KwePhasika Emphakathini Wanamuhla
Ezweni lanamuhla elisheshayo, iPhasika lisebenza njengesikhumbuzo esithinta inhliziyo sokubaluleka kokuzindla, ukuvuselela kabusha, kanye nomphakathi. Likhuthaza abantu ukuthi bame kancane futhi bacabangele ngohambo lwabo lomuntu siqu, ubudlelwano, kanye nokubalulekile/ubugugu. Izindikimba zomhlatshelo novuko zithinta ngale kwezenkolo,
izenzo ezikhuthazayo zomusa, ukuqina lapho ubhekene nezinselele, nokuzibophezela zokuvuseleleka kabusha komuntu siqu.
Ngaphezu kwalokho, iPhasika ligcizelela ukuqala kabusha okuhambisana nezifiso ezibanzi zomphakathi zobumbano nokubuyisana. Esizweni esinamasiko amaningi njengeNingizimu Afrika, lo mkhosi ugcizelela ubuhle bokuhlukahluka
namandla atholakala ekugubheni/ekubungazeni ndawonye.
IPhasika eNingizimu Afrika wumgubho oxubile, onothe ngomlando futhi ukhombisa impilo ekwenziweni kwawo. Lihlanganisa ukuhlangana kokuzinikela enkolweni kanye nezinkulumo zamasiko, linikeza isikhathi sokuzihlola, injabulo,
nokuzwana komphakathi. Njengoba abantu baseNingizimu Afrika behlangana ndawonye ukuze bakhumbule lesi senzakalo esibalulekile, abagcini nje ngokuhlonipha amasiko asendulo kodwa futhi baqinisa ubugugu obuhlala njalo
bubahlanganisa njengesizwe.



Comments